
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba ibandla lamaNazaretha libungaza iminyaka evile kweyikhulu lasungulwa, iningi lifisa uhulumeni alufake kwikhalenda njengoba lolu suku beluthatha njengoluyi ngqophamlando.
Leli bandla elasungulwa nguMphrofethi u-Isaiah Shembe zingu-10 March 1910, namuhla libungaza iminyaka engu-116.
Okhulumela uhlangothi laseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe lolu usuku olukhulu kumaNazaretha.
“Lolu suku kufanele engabe nohulumeni ulifaka ekhalendeni lakhe. Ingqophamlando ezweni. Usuku olwasilethela indaba enkulu ezweni emhlabeni engasoze yajika, nanamhlanje sikuyona futhi ayisoze yaphela iqhubekela phambili. Sibonga kakhulu ukuthi kuye phambili konke nomsebenzi woNyazi lwezulu,” kusho uMncwabe.
Uthe njengoba kubungazwa lolu suku, babuthene eNingizimu lapho kunomgubho walo lolu suku olufana noKhisimusi kubona.
“Sibonga inkosi uNyazi ngokuthi luyasiseka, luyasithanda ezikhumbuzweni zonke. Ngibonga umshumayeli uLuthuli nomshumayeli uZwide esibonakalisweni ngokuthi bahlele kahle lomgubho,” usho kanje.
UNksz Lerato Dlalisa (25), waseNewcastle, KwaZulu-Natal, okhonza ebandleni lamaNazaretha, ophinde aqhamuke ohlangothini lwaseBuhleni ngaphansi kwenkosi uNyazi lwezulu yena uthe, kubalulekile kakhulu ukuthi lolu suku lwanamhlanje lungathathwa nje ngokubungazwa kuphela, kodwa kumele kube yisikhumbuzo.
“Lolu suku kumele lusikhumbuze ukuthi siyingxenye yani, kumele sikhumbule ukuthi siyingxenye yento enkulu. Lesi sikhathi esokuthi sibuke emuva, sikhombise nokubonga kwethu ukuba ngamaNazaretha. Usuku lwanamhlanje ngokukhethekile, luwusuku olukahle lokuthi sikhumbuzane ukuthi kulobo buNazaretha, yini ebaluleke ngabo futhi ishintsha kanjani izimpilo zethu njengabantu abayingxenye yale nkolo,” kusho uNksz Dlalisa.
Uchaze uhambo lwakhe njengeNazaretha njengento enhle njengoba akhulela kuyona lenkolo.
“Ayikho enye inkolo engiyaziyo ngaphandle kweyobuNazaretha. Ekukhuleni kwami bekusayindlela engakhuliswa kuyo ngabazali bami. Ngiyabonga ukuthi nanamhlanje ngiyabona ukuthi lendlela inomthelela omuhle kimi futhi kuningi esengikufundile okubalwa kuzo indlela yokuziphatha,” usho kanje.
Uthe ubuNazaretha bumufundise izinto eziningi okubalwa kuzo ukuba nethemba, isineke nokuthola izeluleko zokuthi uzodlula kanjani ezimweni asuke ebhekene nazo. Uthe izimfundiso zobuNazaretha zidlale indima enkulu ekusizeni umuntu ukuthi akwazi ukudlula kokuningi.
Khonamanjalo, uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthe ukubungazwa kwalolu suku lwanamhlanje luveza iminyaka engaphezu kwekhulu yendima yebandla ehlala njalo ekulolongeni umoya, amasiko, kanye nesizinda senhlalo eNingizimu Afrika.
“Uhambo lweminyaka engu-116 lwebandla iNazareth Baptist Church luwubufakazi obumangalisayo bokholo, isiyalo, kanye nobuholi bomoya. Ibandla libe neqhaza elikhulu ekukhuthazeni ubumbano, ukuzigqaja ngamasiko, nokubumbana komphakathi KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika. Sidlulisa izilokotho zethu ezifudumele kubuholi kanye namalungu ebandla njengoba ebungaza lolu suku oluyingqophamlando. Sengathi ibandla lingaqhubeka nokuba yinsika yethemba, indlela yokuziphatha, nokuzwana emphakathini nasesifundazweni sethu,” kusho uButhelezi.
Umphathiswa uphinde wancoma ibandla ngokuzibophezela kwalo ekudaleni nasekwakheni ukuthula, nasekukhuthazeni ukubumbana komphakathi. Uthe izimfundiso zaleli bandla ziyaqhubeka nokugqugquzela ukuba yizakhamuzi eziqotho.
