
Uhlawuliswe uR150 000 iNkantolo yesifunda eMgungundlovu uConstable Luyanda Sigwebela ovume icala lokubulala ngokungenhloso uzakwabo uConstable Gift Zondo ngomhlaka 14 June 2025.
USigwebela ugwetshwe neminyaka engu-10 elengiswe iminyaka emihlanu. UR150 000 kumele awukhokhele umndeni kamufi.
USigwebela wayehleli noZondi emotweni ngesikhathi ehla engasiphethe kahle isibhamu.
Uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-Ipid luthe isibhamu saqhuma uZondo washayeka engalweni inhlamvu yadlulela esifubeni yabhajwa ezansi kwehlombe.
“UZondo washonela endsweni yesigameko futhi uSigwebela waqale wabika ukuthi uzidubulile,” kusho i Ipid.
Ithe kodwa ukuhlolwa kwesidumbu nombiko wokuhlolwa kwesibhamu wakhipha ukuthi kwakungeke kwenzeke ukuthi uZondo azidubule uma kubhekwa indlela inhlamvu engene yahamba ngayo.
USigwebela wagcina elivuma icala.
