
Kubulawe abesilisa ababili kwathi owesithathu walimala kanzima ngesikhathi izigebengu zivulela ngenhlamvu emzini oseCottonlands ezintathakusa namhlanje.
Kuthiwa abasolwa ababili abebehlome ngezibhamu ezinkulu bangene ngendluzula kulo muzi. Ngokusho kwabazibonele bathe abasolwa bafike bafuna izibhamu nemali.
Ngesikhathi abasolwa betshelwa ukuthi azikho izibhamu nemali babe sebethatha izisulu beziyisa kwelinye igumbi nalapho abasolwa bevulele ngenhlamvu bephindelela, abesilisa ababili bashonela endaweni yesigameko.
Umama nengane yakhe (2) abebekhona ngesikhathi kudutshulwa, abalimalanga. Isisulu sesithathu sithole ukudubuleka salimala kanzima.
Abasolwa babe sebentshontsha omakhalekhukhwini ababili ngaphambi kokuthi bebaleke.
