
Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal (COGTA), usebenzisana nethimba leProvincial Disaster Management Centre baveze ukuthi okwamanje abekho abashonile noma abalimele emva kwezimvula ezinamandla ezihlasele eThekwini naseMgungundlovu izolo.
Izimvula ezinamandla ebezihambisana nomoya, ukuduma kwezulu kanye nesichotho, kulimaze izintambo zikagesi, imigwaqo emikhulu yaba nezikhukhula kwathi nezihlahla zawela emgwaqeni ezingxenyeni eziningi kulesi sifundazwe.
UMnyango wakwa-COGTA uveze ukuthi usuqalile ukukhuculula ezindaweni ezithintekayo.
“Ukuhlolwa kwezobuchwepheshe kuyaqhubeka kuzo zombili izifunda ukuze kubonakale ubukhulu bomonakalo ophelele. Siyasebenzisana kakhulu nomasipala abathintekayo ukubuyisela izinsiza kanye nokususa imfucuza,” kusho isitatimende.
Lomnyango uveze ukuthi isibuyekezo esibanzi sizonikezwa uma ukuhlola kobuchwepheshe sekuqediwe.
