
Nhlakanipho Mnqayi
Yethulwe ngeqoma isizini entsha yeKZN Netball Super League ezoqala zingu-11 April nonyaka eHoy Park Sports Complex emcimbini obuseHollywoodbets Kingsmead Stadium, izolo.
Abalelwa ku-42 amaqembu azogadulisana okufaka phakathi awabesilisa nawabesifazane okubonakala kuzoba isizini eqhwiza umentshisi.
Lomcimbi wokwethulwa kwesizini entsha ubuhanjelwe nawuMengameli weSafa KwaZulu-Natal, uMnuz Kwenzakwakhe Ngwenya, uMnuz Cosmos Hlatshwayo oqhamuka kuMasipala waseMhlathuze nabanye.
Umengameli weKZN Netball, uNkk Gugu Ngema, uqhakambise lesi sifundazwe ngeqhaza elilibambile nokuhlezi sinombono oyaphambili.
“Siyisifundazwe sokuqala ukwethula iSuper League, futhi sizimisele ukwakha ubudlelwane obuqinile nezinye izifundazwe okubalwa kuzo iMpumalanga kanye neGauteng, ukuze siyikhulise,” kusho uNkk Ngema.
Khonamanjalo, Ibamba lomqondisi wezeMidlalo and Recreation, uMnuz Manqoba Bhengu, ugcizelele ukuthi uhulumeni uyayeseka iNetball.
“UMnyango wezeMidlalo, amaCiko namaSiko uyaqhubeka nokuzinikela ekwesekeni i-netball njengoba iqhubeka nokukhula futhi inomthelela omuhle emphakathini eminingi,” usho kanje.
Eminye yemidlalo ebhekwe ngabomvu ngayo lempelasonto ukuthi i-Ocean Dolphins Netball Club, ezobe ivikela isicoco eyasihlwitha i-Ocean Predators, izoqala kanjani.
Imidlalo ye-Ocean Dolphins imi kanje:
10 : 30 – Court 2
Ocean Dolphins Netball Club vs King Shaka Netball Club
14 : 45 – Court 1
Ocean Dolphins Netball Club vs Hammarsdale Sunbeams Netball
