
Nhlakanipho Mnqayi
Balale bebaliwe abasolwa abahlanu ngokubamba inkunzi esitolo sobucwebe eMhlanga, izolo.
Abasolwa balinganiselwa eminyakeni engu-20 no-44 babanjwe nezinye zezinto okusolakala ukuthi zebiwe ngesikhathi kubanjwa inkunzi.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, ngesikhathi besasendaweni yesigameko bancinzwe indlebe kuthiwa aabasolwa bazama ukudayisa lezi zimpahla ezebiwe.
“Sithole umbiko othi abasolwa bafuna ukudayisa lezi zimphahla eMlazi. Ithimba lamaphoyisa le-Provincial Murder and Robbery kanye ne-EThekwini District Task Team banikela khona eMlazi ukuyobheka abasolwa.”
“Amaphoyisa abe esebopha abasolwa abahlanu ngoMsombuluko ekuseni, zingu-13 April nonyaka. Ngesikhathi kuqhubeka uhlelo, kutholakale ubucwebe obungabiza izigidi ezingu-R3 million, kwatholakala nezingubo, amakhadi asebhange kanye nama-mobile routers,” sisho kanje.
Abasolwa babe sebethweswa icala lokubamba inkunzi kanye nokuzama ukubulala. Bazovela enkantolo yeMantshi ngoLwesithathu zingu-15 April nonyaka.
