
Bathenjiswa indumiso nethuba lokukhuphukela eNkosini ngomthandazo abazohambela isiphihli somcimbi iSihlengiwe Pre-Easter Gospel Festival eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngomhlaka 27 March.
Emcimbini kuzobe kushiyelana inkundla uXolly Mncwango, Oncemore Six, Dumi Mkokstad, Khaya Mthethwa, Sipho Makhabane, Thinah Zungu, Ndumiso Zungu, Mangobe, Nkosi Ngema noSindi Ntombela.
Uhlelo luzoqondiswa uLinda Sibiya noDennis Nzonzo Ntombela.
Abafundisi bazokhulekela ukuphepha ngePhasika, izingozi zomgwaqo neGBV.
Umgqugquzeli womcimbi uLindani Dladla uthi ngeke baphinde abantu baseKing Cetshwayo District Municipality baswele indawo abadumisa kuyo ngaphambi kwePhasika ngoba umcimbi usuzoba minyaka yonke.
Uthe ngisho linganetha abantu abeze ngoba bazofaka itende abazolivula uma izulu libahloniphile.
“Akuwona umcimbi wabantu baseKing Cetshwayo kuphela kodwa ngowabo bonke abantu nezivakashi ezisuka kude. Umcimbi wokuveza abaculi bendawo ukuthi bashiyelana inkundla nabadumile nosomabhizinisi bathole ithuba lokusebenza,” usho kanje uDladla.
Uthe umcimbi uqala ngo-6 ntambama kuze kube ingakusasa.
Amathikithi uthe kuyofika usuku lomcimbi ephelile ngendlela athengwa ngayo abawafunayo kumele baphuthume. IGeneral ibiza uR200 bese iVIP ibe nguR500 eComputicket, Shoprite & Checkers.
