
Nhlakanipho Mnqayi
Inhlanzi ishelwe amanzi kulandela ukuthi abaoslwa ababili abebeyingxenye yabasolwa abaqhumise imoto yemali eVerulam izolo bedutshulwe bafa endaweni yaseNhlazatshe eShayamoya, e-Edendale namhlanje ekuseni.
Bebebalelwa ku-12 abasolwa ababambe imoto yemali izolo ekhoneni lomgwaqo uJabu Ngcobo noFairview eVerulam. Kuthiwa laba basolwa bamise lemoto, baphuca onogada izibhamu zabo ezintathu ngaphambi kokuthi babaleke nesamba semali engadalulwanga.
Ngokusho kwamaphoyisa, athe ancinzwe indlebe ngabanye babasolwa abebethinteka ukuthi bacashe endaweni yase-Edendale.
“Sibe sesihlanganisa umkhondo kwathi ngesikhathi sifika endlini lapho abasolwa bebecashe khona, kwaba nokudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa. Abasolwa ababili badubuleke bafa kwathi umsolwa oyedwa waphunyuka wabaleka.”
“Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu, ezimbili ezinkulu kanye nesincane, nezinhlamvu eziningi. IVW Polo okusolakala ukuthi iyona esetshenzisiwe ukubamba inkunzi, nayo itholakale endaweni yesigameko. Kuphinde kwatholakala iveni elinama number-plates amaningi egaraji,” kusho isitatimende.
Alikho iphoyisa elilimalile ngesikhathi kudutshulwana njengoba kusathungathwa abanye abasolwa.
