
Nhlakanipho Mnqayi
Kuboshwe abasolwa abangu-14 kwashaqwa impala engabiza u-R27 million eSydenham.
Amaphoyisa kaMasipala iDurban Metro Police ebambisene nezinye izinhlaka zomthetho ashaqe lempahla kuFelix Dlamini Road, ngesikhathi eqhuba uhlelo lwawo lokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asebebenza ngokungemthetho, ukuhweba nokuhlalisa ngokungemthetho, izimpahla zomgunyathi kanye namacala athinta labo abakuleli ngokungemthetho
Ngesikhathi amaphoyisa ehlola, ashaqe izinto zomakhalekhukhwini ezingu-14 million ezingabiza u-R27 million ngokwentengo yasemgwaqeni.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala iMetro Police, uColonel Boysie Zungu, ukuqinisekisile ukushaqwa kwalezi zimpahla ezingekho emthethweni, waphinde waqinisekisa ukuthi kuboshwe abasolwa abangu-14 abaphule umthetho wokuba kuleli i-Immigration Act.
“Uma ulandela indlela yethu yokushaqa amabhizinisi asebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni, amabhizinisi nokuqinisekisa ukuthi imithetho Yama by-laws iyalandelwa edolobheni, siyajabula ngokusebenzisana namaphoyisa esifunda nakazwelonke,” kusho uColonel Zungu.
Uthe bazoqhubeka nokuqinisa ezomthetho njengoba bezosebenzisana nezinhlaka eziningi zikahulumeni ukuze belwe nobugebengu, benqande amabhizinisi asebenza engagunyaziwe, ebese beqinisekisa ukukhula komnotho.
