
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba ulindelwe ngamehlo abomvu umjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ozoba seGreyville Race Course, eThekwini kusasa, ubumnandi buzobe buchithiwe.
Lomcimbi ogabe ngobumnandi, ubukhazikhazi nemiswenko uzobe ungowehlandla lesi-130 nonyaka njengoba abantu abaningi befuna ukuzibonela ngamehlo lobu bumnandi.
Ubumnandi buzoqala eThe Station, Stamford Hill Durban namhlanje ngo-6 ebusuku lapho umklwebhi wamapleti uDj Kabza De Small ezobe esingathe iKabza and Friends Durban July Edition.
Lomcimbi uzobe uthake amaciko ahlukene okubalwa kuwona uDlala Thukzin, Zawadi Yamungu, Dj Tira, uMdu TRP, kanye nabanye.
Akuwona wodwa lomcimbi ozobe ukhona eThekwini kwazise izobe ichithiwe ezindaweni ezahlukene.
