
Nhlakanipho Mnqayi
Unyelwe inyoni esandleni umculi kaMaskandi, uKhuzani Mpungose njengoba eveze ukuthi uthole ithuba eliyingqayizivele lokuyobuka umdlalo wokuvula weNdebe yoMhlaba ka-2026 ozobe uphakathi kweNingizimu Africa neMexico zingu-11 June nonyaka.
Lo mculi osezakhele udumo nothandwa abaningi, uveze ukuthUhambo lukaKhuzani luxhaswe inkampani yokubheja iGoldrush.
“Leli yithuba engilibonga kakhulu futhi engingasoze ngalithatha kalula. Ngaphansi komkhankaso weGoldrush engiyingxenye yawo, ngithole leli thuba lokiyozibonela mathupha lo mdlalo omkhulu womhlaba.”
“Ngaphezu kwakho konke, ngibonga uthando nokwesekwa eningiphe khona ngomculo wami. Umculo engawukhipha wafinyelela ezindlebeni zenu, namhlanje sengiqala ukudla izithelo zawo. Ngiyabonga Blue Nation, ngiyabonga kubo bonke abangisekayo. Uhambo lusaqhubeka,” usho kanje.
Sikhuluma-nje, iBafana Bafana isifikile eMexico ukuqhubeka namalungiselelo eNdebe yoMhlaba. Izodlala umdlalo wokugcina wobungani neJamaica ngoMgqibelo zingu-6 June nonyaka.
