
Nhlakanipho Mnqayi
Ubhekwe ngabomvu umjaho wamahhashi ohlonishwayo iHollywoodbets Durban July ozoba zingu-4 July nonyaka eGreyville Racecourse, eThekwini.
Lomjaho ogabe ngemfashini kanye nobumnandu kuzobe kukhona kuwo nabaculi abahlonishwayo asebeqinisekisile ukuthi bazoba yingxenye yalo mcimbi.
Ohlwini lalabo abazonandisa kubalwa kubo uZakhele Madida owaziwa ngelika Zakes Bantwini owazakhela udumo ngokunqoba iGrammy Award.
Exoxa ngokuzonandisa kwakhe kulo mcimbi uthe, labo abazobe beyingxenye yeHollywoodbets Durban July, ubafihlele induku emqubeni.
“Kuhlezi kuyintokozo ukuba sekhaya. Nginifihlele induku emqubeni kwiHollywoodbets Durban July. Kuzoba mnandi kakhulu, ngiyathemba nonke nizobe nikhona,” kusho uBantwini.
Abanye babaculi abazonandisa kubalwa iMiCasa, Will Rayz, Will Linley, Angel Mazibuko, Supreme 3 (Loyiso Bala, Lloyd Cele and Danny K), kanye noTamara Day.
U-Anita Elizabeth, ongunkosikazi ka-Eben Etzebeth ongumdlali weqembu lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo, yena uzocula iculo lesizwe.
