
Nhlakanipho Mnqayi
Zilinganiselwa kwezingu-9 izingane eziphuthunyiswe emtholampilo ngesikhathi itekisi ethwala izingane zesikole ebezihamba ngayo ishayisa umuzi eBuffesdraai, eRedcliffe namhlanje ekuseni.
Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo bakwaReaction Unit South Africa (RUSA), bathe bancinzwe indlebe amalunga omphakathi mayelana nengozi ebandakanya itekisi.
“Sithole ukuthi zilinganiselwa kwezingu-9 izingane ezilimalile, kanti neminyaka yazo elinganiselwa kwengu-7 no-9 bezikuyo itekisi ngesikhathi ishayisa. Zibe seziphuthunyiswa emtholampilo waseRedcliff ukuze zithole ukulashwa.”
“Itekisi ibilimele kakhulu. Ingaphambili layo belipoqokile, uphahla lwayo luphoqokele ngaphakathi, kuthi ezinhlangothini okuhlala kuzo abagibeli bezingekho kwathi nescabha somshayeli naso besingabonwa. Izingxenye eziningi zetekisi bezisaphazeke endaweni yesigameko” kusho abakwa RUSA.
Baqhube bathi umshayeli okusolakala ukuthi naye ulimele, ubengabonwa nangokhalo endaweni yesigameko. Kuze kube yimanje, imbangela yengozi ayaziwa.
