
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal adonse ngendlebe izakhamuzi ukuthi ziqaphele ngokufaka nokusabalalisa imilayezo noma ukunameka izithombe ezinkundleni zokuxhumana ezigqugquzela udlame nokulinyazwa kwempahla.
Amaphoyisa asho kanje kulandela imibhikisho eminingi kulesi sifundazwe.
“Yize lemibhikisho ibinokuthula, amaphoyisa asebone ezinkundleni zokuxhumana imiyalezo eminingi kanye nezitatimende ezenziwe abanye babantu ezibonakala ukuthi zingase zisuse udlame kanye nokungalandelwa kwemithetho ngesikhathi zama mashi asuke ehleliwe.”
“Amalunga omphakathi axwayiswa ngo-Section-14 weCybercrimes Act, ongu-Act no.19 wango-2020, othi nanoma ubani osabalalisa inkulumo esebenzisa ezinye zezindlela zokuxhumana zobuchwepheshe, ukuthumela umlayezo kumuntu, iqeqebana labantu noma emiphakathini ngenhloso yokususa udlame noma kulinyazwe impahla yomuntu noma udlame olubhekiswe kumuntu noma iqeqebana labantu, uzotholwa enecala,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi amaphoyisa aseke awusebenzisa lomthetho ukuthwesa umuntu icala.
“Lo mthetho uke wasebenza ukubeka icala uPhilani Gumede owayeyilungu le-Operation Dudula ngoMarch wango-2022, emva kokuthi asabalalisa ivoice note eyayigqugquzela ukuxoshwa kwabokufika kuleli eThekwini, ngokungena ezitolo zabo, ema-salon, kanye nalapho abasebenzela khona. Inkantolo yamuthola enecala lokuthi akhokhe uR10 000 noma achithe iminyaka emithathu ebhadla ejele ,” sisho kanje.
Amaphoyisa athe ilungelo lokubhikisha livikelwe umthetho sisekelo waseNingizimu Afrika, kodwa lelo lungelo liza nesibophezelo sokuthi kumele lisetshenziswe ngokusemthethweni, nokucabangela amalungelo abanye abantu. Amaphoyisa agcizelele ukuthi amehlo mane njengoba eqaphe kuzona zonke izinkundla zokuxhumana ukubheka imiyalezo kanye nezitatimende ezingabonakala zisusa udlame.
Khonamanjalo, athe asememezelile kubahleli bemashi ezoba ngo-June-30 nonyaka, nabathembisile ukuthi imashi izoba nokuthula. Amaphoyisa wona athe noma kunjalo azojuba amaphoyisa ezingxenyeni eziningi ngaphambi kosuku luka-30 June nonyaka nangezinsuku ezilandelayo ukuqinisekisa uzinzo, ukuthula, kanye nokuhleleka.
Aphethe ngelokuthi ozotholakala ephula umthetho, uzohlangana nezimbila zithutha.
