
Nhlakanipho Mnqayi
Iqembu lendlamu laseClermont, iLove World Production namhlanje libhekise amabombo e-Abidjan okuyidolobha elikhulu lase Ivory Coast lapho elizoba khona yingxenye ye-African Heritage Dance and Music Evening.
Lomcimbi ozoba zingu-12 April nonyaka kuhloswe ngawo ukugqamisa imidanso nomculo wase-Afrika, ukukhuthaza ukwehlukahlukana nokuceba kwamasiko.
Okhulumela leli qembu nophinde abe ngumxhumanisi, uMnuz Andile Mbatha, uthe leli ithuba eliyingqayizivele.
“Kusho lukhulu ngendlela eyisimanga ngoba sizobe siphuma okokuqala ngaphandle kwaseNingizimu Afrika. Besizithola izimemo eziningi eziqhamuka ngaphandle ngaphambilini, kuthi uma sekusondele isikhathi kube khona okuphazamisayo,” kusho uMbatha.
Uthe akulona lodwa uhambo lolu uhambo abangase baluhambe.
“Zikhona ezinye izinhlelo esisazigodlile ezizosisiza kwamanye futhi amazwe,” usho kanje.
Uqhube wathi amalunga eqembu ayanconcoza ngalolu hambo kwazise yithuba abebelibheke ngabomvu.
“Abanye bazobe beqala nje nokugibela ibhanoyi. Konke lokho kuyintokozo enkulu nakithi njengabaholi ukuze babone ukuthi kulomsebenzi esiwenzayo ikhona inqubekela phambili.”
“Mayelana nezinhlelo zohambo, okuningi sikuhlelelwe yi-Market for African Performing Arts of Abidjan (MASA) okubalwa kukho nenkokhelo yomsebenzi esiyowenza,” ubeke kanje.
Okunye okuhlalukile ukuthi leli qembu elakhiwe ngamalungu angu-20 kuya ku-30, inhloso yalo enkulu ukuthi intsha yaseClermont kube khona ekwenzayo ingagxili ezidakamizweni.
Liphinde laveza ukuthi alisini-nje kuphela indlamu, kodwa lidlala ne-Marimba, ama-Djembe drums, futhi bashutha nemicimbi.
