Skip to content
header

siziletha zishisa

cropped-930x110-header-2.png
Primary Menu
  • Ekhaya
  • Izindaba
  • Ezokungcebeleka
  • Impilo Yabantu
  • Ezemidlalo
  • Oxhumana naye
  • Facebook
  • Home
  • 2024
  • December
  • 29
  • Konke kumi ngomumo ngeLast Dance Music Festival
  • Ezokungcebeleka

Konke kumi ngomumo ngeLast Dance Music Festival

Ezangempelaforreal December 29, 2024
0
(0)
USjava uzonandisa kwiLast Dance Isithombe: Instagram

Konke kumi ngomumo ngomcimbi iLast Dance Music Festival ezobanjelwa eRoyal Showgrounds eMgungundlovu ngoLwesibili ebusuku. 

Kuzonandisa uMthandeni SK, Mawhoo, Sjava, Zee Nxumalo, Dlala Thukzin, Aymos, Ayanda Ntanzi nabanye. 

Le ndumezulu yokuhlukanisa unyaka izobe igubha iminyaka engu-15 yasungulwa.

Umhleli wayo uSipho Ndaba uthe sebejahile ukusingatha abantu abazozitika ngobumnandi abangasoze babukhohlwa.

“ILast Dance akusona nje umcimbi wobumnandi kuphela kodwa uthuthukisa abaculi, kakhulu abasafufusa, nomnotho waseMgungundlovu. Ngonyaka odlule ucwaningo luveza ukuthi kwangena imali elinganiselwa kuR92 million emnothweni wendawo. Siyabonga kakhulu kubaxhasi kakhulukazi uMasipala waseMsunduzi,” kusho uNdaba.

Uthe amathikithi abiza imali efanayo nangonyaka odlule, uR200 i-general bese iVIP ibe wuR700 eTicketpro.

Umcimbi uzosakazwa kwiSABC 1 kusukela ngo-9 ebusuku wethulwa nguSiphesihle Vazi noZanele Potelwa.

How useful was this post?

Click on a star to rate it!

Average rating 0 / 5. Vote count: 0

No votes so far! Be the first to rate this post.

As you found this post useful...

Follow us on social media!

About the Author

Ezangempelaforreal

Editor

Visit Website View All Posts
Tags: Festive Season Music concert Pietermaritzburg Sjava

Post navigation

Previous: Kudutshulwe kwabulawa usomabhisinisi kuMeridian Drive eMhlanga namuhla ngeSonto
Next: Sishiye kukhalwa isimo sezulu eKZN 

Izindaba Ezihlobene

70fca620-d839-4cc9-8c9a-f7111b7483c3
  • Ezokungcebeleka

UKhuzani nengqayizivele yokuyobuka iBafana bukhoma

Ezangempelaforreal June 5, 2026 0
bc71c627-3d7e-430f-a6a3-6e4103be1446
  • Ezokungcebeleka

UZakes Bantwini neMiCasa bangabanye abazonandisa koweDurban July

Ezangempelaforreal June 1, 2026 0
Screenshot
  • Ezokungcebeleka

Kwethulwe Ugu Jazz Festival ebophele izilomo

Ezangempelaforreal April 18, 2026 0

JOIN OUR NEWSLETTER
And get notified everytime we publish a new blog post.
By subscribing, you agree to our privacy policy and terms of service.

facebook Ezangempela news real news

Sicela udlulisele zonke izindaba, izithombe, amavidiyo kanye nanoma yiziphi ezinye izindaba.Izindaba, ukuphawula kanye neziphakamiso zamukelekile njalo

  • Ezemidlalo
  • Ezokungcebeleka
  • Impilo Yabantu
  • Izindaba
  • Uncategorized

accident AmaZulu FC ANC athletics Betway Premiership CIT Comrades Marathon court crime death Department of Basic Education Department of Transport drunken driving Durban Durban ICC entertainment eThekwini Municipality Ezemidlalo Gagasi FM heavy rain Heavy rains Hollywoodbets Durban July Izindaba Kaizer Chiefs KwaZulu-Natal Mamelodi Sundowns marathon minnie ntuli Misuzulu KaZwelithini MK Party murder Music concert Nhlanhla Mkhwanazi Orlando Pirates Radio rape SAPS Siboniso Duma Sipho Hlomuka soccer Thami Ntuli Thulasizwe Buthelezi Tv umfolozi municipality Xolani Bhengu

  • June 2026
  • May 2026
  • April 2026
  • March 2026
  • February 2026
  • January 2026
  • December 2025
  • November 2025
  • October 2025
  • September 2025
  • August 2025
  • July 2025
  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • December 2024

Kungenzeka ukuthi uphuthelwe

072c491b-8181-4324-bf3e-aca02c34f19d
  • Ezemidlalo

IKingdom Queens ilale isibili kowamanqamu eTelkom Netball League

Ezangempelaforreal June 15, 2026 0
cc4bad50-aee9-4f08-8957-7d20095bdfe5
  • Izindaba

Banqatsheliwe ibheyili onogada abaxhakathisa umshayeli we-Uber

Ezangempelaforreal June 13, 2026 0
1d0b1c3d-d2b4-454f-b95e-7d1bde584af4
  • Izindaba

Babuyela enkantolo abasolwa ngokubulala u-AKA

Ezangempelaforreal June 11, 2026 0
70fca620-d839-4cc9-8c9a-f7111b7483c3
  • Ezokungcebeleka

UKhuzani nengqayizivele yokuyobuka iBafana bukhoma

Ezangempelaforreal June 5, 2026 0

Need a website

  • Ekhaya
  • Izindaba
  • Ezokungcebeleka
  • Impilo Yabantu
  • Ezemidlalo
  • Oxhumana naye
  • Facebook
I-copyright© Wonke Amalungelo Agodliwe. | MoreNews by AF themes.