
Sidale umonakalo isimo sezulu ngempelasonto edlule ezingxenyeni eziningi zesifundazwe zaseKZN okubalwa kuzo oThukela naseMzinyathi lapho okukhahlamezeke khona inqwaba yezindlu.
UMEC wakwaCogta eKZN uMfu Thulasizwe Buthelezi ngoMsombuluko uhambele kuMasipala waseBaqulusi eyohlola umonakalo odalekile. Ubehamba nezinhlaka ezehlukene okubalwa abe-Eskom neRed Cross. Badlulise usizo kwabakhahlamezikile.
Ngokwesitatimende somnyango, kulindeleke ukuthi isibalo sabakhahlamezekile sifinyelele ezinkulungwaneni njengoba uhlelo lokuhlonza umonakalo luqhubeka.

EMsinga kukhahlamezeke uward 2, 9, 10, 11, 12 no-13 lapho kukhahlamezeke izindlu ezingu-476.
KuMasipala Abaqulusi kukhahlamezeke uward 14 kuya ku-19, kwalimala izindlu ezingaphezu kuka-200. UMnyango wakwaCogta uveza ukuthi usaqhubeka nokubheka ukuthi umonakalo odalekile mungakanani.
Lo monakalo udaleka nje, isifundazwe sisabhekene nokulungisa umonakalo ongabiza uR3 billion odalwe isimo sezulu phakathi kukaDecember 2024 noJanuary 2025. Umonakalo omkhulu udaleke kwingqalasizinda okubalwa kuyo imigwaqo.
