
Konke kumi ngomumo ngomcimbi iLast Dance Music Festival ezobanjelwa eRoyal Showgrounds eMgungundlovu ngoLwesibili ebusuku.
Kuzonandisa uMthandeni SK, Mawhoo, Sjava, Zee Nxumalo, Dlala Thukzin, Aymos, Ayanda Ntanzi nabanye.
Le ndumezulu yokuhlukanisa unyaka izobe igubha iminyaka engu-15 yasungulwa.
Umhleli wayo uSipho Ndaba uthe sebejahile ukusingatha abantu abazozitika ngobumnandi abangasoze babukhohlwa.
“ILast Dance akusona nje umcimbi wobumnandi kuphela kodwa uthuthukisa abaculi, kakhulu abasafufusa, nomnotho waseMgungundlovu. Ngonyaka odlule ucwaningo luveza ukuthi kwangena imali elinganiselwa kuR92 million emnothweni wendawo. Siyabonga kakhulu kubaxhasi kakhulukazi uMasipala waseMsunduzi,” kusho uNdaba.
Uthe amathikithi abiza imali efanayo nangonyaka odlule, uR200 i-general bese iVIP ibe wuR700 eTicketpro.
Umcimbi uzosakazwa kwiSABC 1 kusukela ngo-9 ebusuku wethulwa nguSiphesihle Vazi noZanele Potelwa.
