
Kumangale abahleli bomcimbi Ugu Jazz Festival ngokugcwala kwawo kade bethi benza into encane yokuwethula kabusha enkundleni Ugu Sports & Leisure Centre ePort Shepstone ngoMgqibelo.
Umcimbi wenziwe emuva kweminyaka emihlanu uhlabe ikhefu.
Uhanjelwe abantu abangaphezulu kuka-2 000 abebesetendeni i-dome elifakwe enkundleni.
Umhleli uSiyabonga Msomi weCoolsound Trading udlulise ukubonga kubantu.
“Besilindele isibalo esincane ngenxa yesikhathi esincane ebesinaso sokuhlela nokuthi besiwethula kabusha kulo nyaka. Kukhombisa ukuthi kade abantu bewulambele. Umsebenzi omkhulu uyaqala manje. Sizothatha konke abantu abakushilo bese silungiselela unyaka ozayo,’ kubeka uMsomi.
Emcimbini kunandise uZonke, Mondli Ngcobo, DJ Happy Gal, DJ Bruce, Umkhumbane Jazz Ensemble, DJ 101, Slwane, Ami Faku nabanye abaningi. Uhlelo belubanjwe uFelix Hlophe, Siphokuhle Luthuli noMkay Music.
Kuhlonishwe umculi omdala uDr Madala Kunene ngoR50 000 uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko. Unikwe uMphathiswa uMntomuhle Khawula.
“Ngike ngahlonishwa kudala kodwa ngiyaqala ukuthi ngithole nemali. Ngithanda ukubonga abahleli nohulumeni waseKZN,” kusho uMadala.
Ugu Jazz Festival lwenziwe ngokubambisana ne-Offramp Experience.
NgoLwesihlanu bekune-Worship Experience okucula kuyo uXolly Mncwango, Jumbo, Hlengiwe Mhlaba, Sgwili, Malusi Mbokazi nabanye.
