
Nhlakanipho Mnqayi
Indawo yokubamba izinkomfa ezinkulu zokuvakasha kanye nezithangami eziseqopheleni eliphezulu, iDurban International Convention Centre (ICC) ihlabane ngendondo kuma-World Travel Awards emcimbini obubanjelwe eTanzania muva nje.
I-ICC ihlabane ngendondo ye-Africa’s Leading Meetings and Conference Centre okwesi-20 kulandelana emcimbini obuhlanganisa amazwe aqhamuka ezifundeni zase-Indian Ocean zizobungaza ubuchule, amasu nobuholi maphakathi nezokuvakasha emkhakheni wezokuvakasha jikelele.
Akugcinanga lapho, idolobha iTheku, nalo lihlabane ngesicoco se-Africa’s Leading Meetings and Conference okwesi-10 kulandelana.
USihlalo weKomiti lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uMnuz Thembo Ntuli uthe ukuhlabana kweTheku ngalezi zindondo kutshengisa ukubaluleka kweTheku kokuqhubeka nokusimama kwezamabhizinisi okuvakasha nemicimbi yamazwe ngamazwe.
“Siyaziqhenya ngalokhu kuhlonishwa. Kutshengisa ukuzinikela nokusebenza kanzima kwawo wonke umuntu obamba iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi iTheku liyindawo ehamba phambili yokubamba izithangami nezinkomfa,” kusho uNtuli.
USihlalo weBhodi lase-ICC, uDkt Mduduzi Bophela, ngesikhathi amukela londondo, uthe uyathoba kakhulu ngalokhu kuhlonishwa.
“Ngaphansi kwethimba lethu, izinhlaka esisebenzisana nazo kanye nedolobha iTheku, ukunqoba lendondo kusho ukusebenza ngokuzikhandla nangobuqotho nokuba sezingeni okuhambisana ne-Durban ICC,” kusho uDkt Bophela.
Uthe bayaziqhenya ngokubamba iqhaza ekubekeni idolobha iTheku njengendawo eyenza kahle kwezamabhizinisi okuvakasha.
Khonamanjalo: Isikhulu esiphezulu sase-ICC, uNkk Lindiwe Rakharebe, uthe ukuhlonishwa okwesi-20 kulandelana, kunomuzwa wokuthoba nowokugqugquzela. Uthe lendondo eyethimba lonke elisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi bakhipha unyawo ngaso sonke isikhathi, baphinde bayibungaze noMasipala weTheku oqhubekayo nokusimama njengendawo yokubamba izithangami, izinkomfa kanye nemibukiso.
