
Nhlakanipho Mnqayi
Kuphuphuzela injabulo kwintokazi esencane emva kokwenza ezibukwayo emcimbini wonobuhle uMiss National South Africa obubanjelwe eBlue Waters, eThekwini.
UNksz Nombulelo Mthembu (15) waseMooi River, eMpofana KwaZulu-Natal, uthe ufuna ukuhlaba umxhwele abaningi njengoba ethathe izicoco ezimbili emcimbini wonobuhle. Ukhale wemuka nesicoco sokuba yi-Youth Leader, wase waba yi-Second Princess kulomcintiswano.
Elandisa Ezangempela For Real, uthe ufisa ukuba yisibonelo esihle kwabanye.
“Into engifisa ukuyizuza ukuhlakanipha kanye nokwazi ukusebenza nabantu ngoba ukuba yi-Youth Leader kumayelana nokuthuthukisa kuphinde kuhlabe umxhwele abanye. Ngalesi sicoco, ngifuna ukuba yisibonelo esihle ngibatshengise ukuthi nathi siyakwazi ukwenza izinto zenzeke,” kusho uNksz Mthembu.
Uthe ukuklonyeliswa ngesicoco sokuba umholi wabantu abasha yinto enkulu.
“Lesi sicoco sisuke sisodwa vo kulomncintiswano. Ngakho-ke ukuthola sona kusho ukuthi kukhona abakubonile kumina futhi nokuba yi-Second Princess nakho kuyinto enkulu njengoba ngikwazile ukufika kwi-top-3,” usho kanje.
Ubonge uMasipala waseMgungundlovu kanye noNkk Mbeko Nzimande abadlale iqhaza elikhulu ekutheni anqobe kulomcintiswano. Uphinde waveza ukuthi
