
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa abangu-7 abathinteka ecaleni lokubulawa komrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane kulindeleke ukuthi bavele namhlanje enkantolo ePhakeme yaseThekwini.
U-AKA noTibz badutshulwa ngaphandle kwendawo yokudlela eThekwini ngo-2023.
Kuzobe kungokokuqala-ngqa laba basolwa bevela bonke ndawonye emva kokususwa kwezelamani zakwaNdimande okungoMalusi noSiyabonga zisuswa eSwatini.
Laba bobabili bazojoyina abanye abahlanu abasolwa nabo kuleli cala, okubalwa kubo oLindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Myeza, Mziwethemba Gwabeni, kanye noLindokuhle Ndimande.
Sebebonke laba basolwa babhekene namacala okubulala, ukukhanda itulo lokubulala, kanye nokuzama ukubulala.
