
Yethuliwe indumezulu yomcimbi Ugu Jazz Festival ezoba sezinkundleni zemidlalo Ugu Sports & Leisure Centre, ePort Shepstone ngomhlaka 27 June.
Lo mcimbi ubuye ngonyaka odlule kade sekuphele iminyaka ungenziwa. Usuhambisana ne-Offramp Experience yona ebhekelele ukwenza imicimbi eyisendlalelo se-jazz.
I-Offramp Experience izoqala nge gala dinner enkundleni efanayo ngomhlaka 25 June. Kuhloswe ngayo ukuhlanganisa abantu abasemikhakheni ehlukene ukuthi bezane kancono bathole amathuba okusebenzisana. Kuzoba nomculi nosomahlaya futhi badle ne three course meal.
Ngomhlaka 26 kuneWorship Experience ezoba nabaculi nabafundisi abahlukene.
Kwi-jazz festival kuzocula uDon Laka, Mondli Ngcobo, Naledi Aphiwe, Ernie Smith, Mnqobi Yazo, Mawelele, Siphokazi, Danya, Bongani Nkwanyana, Olefied Khetha, DJ 101, DJ Muntu Jikeleza noFanie Dick.
Umhleli womcimbi uSiyabonga Msomi weCoolsounds Trading uthe abanye bazobamemezela ezinsukwini ezizayo.
Uthe bahlanganise abadala nabancane.
Imeya yoMasipala Ugu uSikhumbuzo Mqadi ithe imicimbi yalolu hlobo akuyona eyobumnandi kuphela kodwa eyokuheha izivakashi nabatshalizimali.
