
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba sekusele izinyanga kuqale umjaho wamahhashi ohlonishwayo e-Africa, i-2026 Hollywoodbets Durban July, kwethulwe ingqikithi yakulo nyaka emcimbini obubanjelwe e-The Parade Ring izolo.
Lomjaho ozoba zingu-4 July nonyaka, uzobanjelwa eGreyville Racecourse njengoba kuzobe kulindeleke iningi labantu abazobe bezotshengisa ngengqephu baphinde bachithe imali eningi lapha KwaZulu-Natal.
Ingqikithi yangalo nyaka ithi: Country Allure, lapho khona abathandi bemfashini nabahambela imijaho bazophupha ugqozi oluvela ezindaweni zasemakhaya kanye nobuhle bomjaho obungaphelelwa yisikhathi.
USihlalo wokuThuthujiswa kwezoMnotho neKomidi lokuHlela, uMnuz Thembo Ntuli, uyamukele ingqikithi waphinde wathi umasipala uzibophezele ukuletha umcimbi oseqopheleni eliphezulu.
“Sibheke ngabomvu ukwamukela izinkulungwane zamaphanta, abathandi bemfashini, kanye nabavakashi eThekwini, ukukhulisa ezokuvakasha kanye nokungenisa izihambi. Lo mcimbi usalokhu ubalulekile ekuqhubekiseni ukukhula komnotho, ukweseka imisebenzi kanye nemboni yezemfashini, kanye nokufaka isandla emnothweni wedolobha. Manje sekuzoqala amalungiselelo okuqinisekisa ukuthi i-Durban July iphephile, ayinazihibe, futhi izokhunjulwa yiwo wonke umuntu.”
“Ingqikithi ethi Country Allure inothile ngokuxoxa izindaba, okusivumela ukuthi sihlole amagugu ngezindlela ezigqamile. IHollywoodbets Durban July iyinkundla yokukhula, ukuletha izethameli ezintsha, futhi ikhombise ubuhlakani base-Afrika. Njengomunye abakhiqizwa uHlelo Lokuthuthukiswa Kwemfashini Yedolobha, ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yalolu hambo futhi ngilungele ukuletha imiklamo egqamile,” kusho uNtuli.
