
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa abane abebefunelwa amacala amaningi okubalwa kuwo ukubulala nokuzama ukubulala amaphoyisa, ukugqekekzwa kwezimoto, ukugqekeza amabhizinisi nemizi, badutshulwe bashona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa namhlanje eBellair.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, amaphoyisa ophiko lwe-Crime Intelligent abone abasolwa endaweni yaseBellair, abe esebahlala izithende.
“Abasolwa abebehlukumeza imiphakathi yaseMbumbulu, KwaMakhutha, Ntuzuma, naseFolweni bachizele amaphoyisa ngesikhathi ebamisa. Amaphoyisa abe esebajaha okuphelele endlini abasolwa ebabayisebenzisa ukucasha kuyo.”
“Khona endlini, kube sekuba nokudubulana phakathi kwawo amaphoyisa nabasolwa. Abasolwa abane basale enkundleni kwathi oyedwa waphunyuka, namanje usagcwele amathafa amaphoyisa ayamthungatha,” kusho isitatimende.
Kutholakale izibhamu ezine kanti alikho iphoyisa elilimalile ngesikhathi kudutshulwana.
