
Nhlakanipho Mnqayi
Uthi abantu bazozwa into abangakaze bayizwe uKC Driller waKwaDabeka, eClermont, ogama lakhe lokuzalwa uNdumiso Maphumulo njengoba ekhiphe icwecwe lakhe elisha iTerminator .
UKC Driller (23) wazakhela ugazi ngokusebenza no-Dj Lag (Lwazi Gwala) engomeni ethi Hade Boss eyathola isitifiketi se-4x platinum plaque ngokudlalwa izikhawu ezilinganiselwa ku-120 million lapha eNingizimu Afrika.
Elandisa Ezangempela For Real, uthe lengoma iyinhlanganisela yemicabango abantu abazobe beqala ukuyizwa.
“Lengoma yaqhamuka ngawo lomcabango wokuthi angizame ukwenza into engakaze izwakwale ndawo, kwanami engingayazi. Abantu batshengisa ukuyithanda okwangikhuthaza ukuthi ngiqinise isandla kuyona lendlela engicabanga ngayo,” kusho uKC Driller.
Uthe uthembisa okuningi okumnandi.
“Njengomuntu okade esevele akulinda ukuthi ngibe semehlweni abantu, ngizosebenza ngokuzikhandla okukhulu njengoba ithuba seliyaqala liyavela nakimi,” usho kanje.
Njengoba eqhubeka nokuzakhela igama endimeni yomculo nje, namhlanje uKC Driller kuzozwakala imix yakhe njalo ngoLwesihlanu kulenyanga kaMarch ohlelweni iThe Midday Connexion olushayelwa nguDj Sonic noKhaya Mthethwa kuGagasi FM nsuku zonke kusukela ngo-12pm kuya ku-3pm ntambama.
Uqhube wathi kuma mix akhe abantu bazolindela umculo omnandi futhi ongafani nowenziwa abanye abaculi.
“Ngabona imibono yabantu mayelana nokuthi ngenze olunye uhlobo abangalujwayele, abatshengisa ukulithanda kakhulu ngabona ukuthi angiqinise kulo. Abantu bazozwa isandla sami engingathanda ukuthi mangikhula kulomkhakha kube yinto abangazi ngayo,” ubeke kanje.
