
Nhlakanipho Mnqayi
Zibalelwa kwezingu-4 izidumbu ezitholakale izolo ngesikhathi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal (COGTA) usebenzisana nabezinhlekelele esifundazweni njengoba beqhubeka nokubheka abantu abamuka ngesikhathi kunezimvula ezinamandla ngoLwesine.
Lesi sigameko senzeka ngaphansi koMasipala uMsinga ngesikhathi imoto eyayinabantu abangu-8 izama ukuwela ibhuloho Imfenebude endaweni yaseNadi, eMabovini. Ababili bakwazi ukuphuma babalekela emdaweni ephephile, kwathi abangu-6 bamuka namanzi.
NgoLwesihlanu, kwatholakala imizimba yabesifazane abangu-2. Owokuqala watholakala emfuleni iNadi River, eMsinga, omunye watholakala emfuleni uThukela.
Okunye okuhlalukile ukuthi oyedwa walaba besifazane abashonile ubezithwele.
Ngesikhathi kuqhutshekwa kubhekwa izolo, kutholakale ezinye izisulu ezimbili emfuleni uThukela, owesifazane engxenyeni yaseMsinga kanye nowesilisa endaweni yaseMakhabeleni maphakathi noMasipala uMvoti. Izisulu ezitholakele okwamanje zilinganiselwa eminyakeni engu-25 no-40.
UMphathiswa wakwa-COGTA, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, udlulise amazwi endunduzo emndenini eshonelwe.
“Ngincoma kakhulu ithimba labahlengayo ngokusebenza ngokuzikhandla emingceleni eminingi yomasipala ukuhlinzeka nokuletha ukuphola emindenini,” kusho uButhelezi.
Khonamanjalo, babalelwa kwababili abesilisa abangakatholakali njengoba amathimba esaqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla. UMnyango, usebenzisana noMasipala waseMsinga, uyaxhumana nemindeni ethintekile ukuhlinzeka ngosizo oludingekayo ngalesi sikhathi.
