
Umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose uqophe umlando ewina indondo yeBest Independent Artist (Africa)) emiklomelweni amaHollywood and African Prestigious Awards (HAPA Awards) eLos Angeles namhlanje.
UKhuzani uthe indondo ayitholile iyisibusiso futhi iyakhombisa ukuthi umaskandi akuwona umculo kuphela kodwa uwumlando nephimbo labantu.
“Ukuwubona uhlonishwa emhlabeni kungigcwalisa ukuziqhenya futhi kuyangithoba. Le Mpumelelo eyawo wonke umlandeli obe nami. Ngiyabonga ngokukholelwa kumaskandi nokukholelwa kimi,” usho kanje uKhuzani ephesheya kwezilwandle.
Uqokwe nakwiBest Male Artist (African) lapho owinile ezomenyezelwa khona kusasa.
NgoMgqibelo uzoba nomcimbi iGcwalisa Spring Picnic eHollywoodbets King Park Stadium.
Uzonandisa nabanye abaculi abaningi oNkosazana Daughter, DJ Tira, Eemoh, Naledi Aphiwe, Umafikizolo, Kamo Mphela, Vusi Nova nabanye abaningi.
