
I-ANC KwaZulu-Natal isitshele uSiphile Mdaka ukuthi asule ngokushesha esikhundleni sokuba yisekela meya kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude akhethwe kuso ngokungaphikiswa izolo. I-ANC ithe uMdaka, obeyimeya phambilini ngaphambi kokukhishwa ngokungabuthembi ubuholi bakhe, uvume ukuqokwa esikhundleni esisha ngaphandle kokuthunywa iqembu.
Umkhulumeli wenhlangano, uFanle Sibisi uthe bayakubonga ukukhethwa kwakhe ngoba kukhombisa ukuthi ungumholi wabantu.
“I-ANC isamile ekutheni ukhansela Siphile Mdaka wakhishwa ngendlela engafanele njengemeya yaseMkhanyakude yize amagalalo akhe okuletha intuthuko nobuholi obungavaleli muntu ngaphandle bubonakala,” kusho uSibisi.
Uthe i-ANC imile ekutheni kumele abuyiselwe esikhundleni sokuba imeya futhi izobheka zonke izindlela zokuthi lokhu kwenzeke.
Isikhundla semeya sesiphethwe uComfort Khumalo we-IFP.
Ukukhiswa kukaMdaka kwenza ubudlelwano ne-IFP baba muncu kangangokuba ezinye izinhlaka ze-ANC zathi kumele iphume kwiGPU.
