
Ayabuya eThekwini amaMetro FM Music Awards iminyaka emithathu ezoqala ngo-2026.
Lama awards kule minyaka emithathu edlule abebanjelwa eMbombela eMpumalanga.
Izolo ebusuku kube nomcimbi wokuwethula eThekwini obekwenzeka obekuzwakala nasemskazweni.
Imenenja kaMasipala eThekwini uMusa Mbhele uthe bazoxhasa amaMetro ngoR60 million ozohlukaniswa kathathu kule minyaka emithathu.
Uthe ngokuba khona kwawo iTheku lizomaketheka kuphinde kusizakale namaciko nosomabhizinisi kusimame umnotho.
Umphathi wemisakazo yeSABC uNada Wotshela uthe kuzofakwa nama category amasha eBest Maskandi neBest Likompo.
Kumenyezelwe ukuthi ama-awards azoba ngomhlaka 25 April 2026. Ukungenela kwamaciko sekuvulwe.
