
Phili Mjoli
Kusenzima ukuthi amadoda ukuthi akhulume ngezindaba ezinthinta ukuthi awanayo inzalo.
UMnuz Brian Kobue wenhlangano esiza abesifazane nabesilisa abanezinkinga zokuthola abantwana iSedi Entle, obekhuluma esigcwawini sezobuchwepheshe songoti abehlukene abasemkhakheni wenzalo, uthe uma kuphela isikhathi esithile okusuke kulindeleke ukuthi abashadile bathole ngaso ingane, umunwe ukhomba owesifazane ukuthi nguyena ongenayo inzalo.
“ Lokho kushiwo nje usuke engekho oseke wahlola owesifazane kwatholakala ukuthi nguye onenkinga. Basuke besho ngoba emphakathini esiphila kuwo akuyona into efika kuqala ukuthi owesilisa okungenzeka ukuthi akanayo inzalo. Ingoba ulwazi olukhona alukucacisi ukuthi kwenzekani ukuze owesifazane akhulelwe. Abesilisa bakholwa ukuthi uma lukhona uketshezi oluphumayo esithweni sabo sangasese ngesikhathi bejabulisana nowesifazane kusho ukuthi angakhulelisa kanti akunjalo. Ukuze owesifazane akhulelwe kumele owesilisa abe nesidoda esisezingeni elikwazi ushaya iqanda lomuntu wesifazane (sperm count),” kuchaza uKobue.
Uqhube wathi kuningi okumele abantu bakwazi ukuhlanganisa nezinto abashadayo okumele bayalwe ngazo ezihambisana nesiko ngoba indlela okwenziwa ngayo manje yenza ukuthi uma kube nzima ukuthi indoda iphumele obala itshele umndeni ukuthi ayinayo inzalo.
UDkt Priscilla Idele, oyiChief Data Analytics kwi-United Nations Population Fund(UNPFA), uthe umbiko ka2025 owenziwe ile hlangano ngemuva kokwenza ucwaningo emazweni angu-14 emhlabeni ngokubuza abasesigabeni sokuthola izingane ukuthi banazo yini izingane ababefisa ukuba nazo, luveza ukuthi u20% wabantu abakhulile abakwazi ukuba nesibalo sezingane abazifisayo. U -39% uthe lokhu kungenxa yomnotho ontengantengayo. Ezinye izizathu ezokuthi abanye besaba ukushintshashintsha kwesimo sezulu nezinye.
“ Abesifazane ibona abajwayele ukuba nengcindezi enkulu ngenxa yokuthi kubhekwa bona kuqala uma kunenkinga yokungatholakali komntwana kwabathandanayo noma abashadile,” kusho uDkt Idele.
UNkk Mapula Ndou, ongabatholi abantwana ongumsunguli wenhlangano, i-We are Women too, uthe owesifazane uye azizwe sengathi uyihlazo ngoba ehluleka ukukhulelwa okuyinto elindelekile kakhulukazi uma eshadile.
“ Kugcina sekunezinsolo zokuthi mhlawumbe uke wahushula isisu esemncane. Umndeni uzithathele isinqumo sokuthi owesifazane asebenzise izimbiza, uma kwehluleka lapho kuthiwe indoda ayithathe isithembu. Uma uthathe isinqumo sokulandela indlela yaseNyakatho yokufuna odokotela nakhona inkulu ingcindezi ozobheka nayo ngoba kudingeka imali enkulu.
USolwazi Zozo Nene, oyinhloko yeReproductive Endocrinology & Infertility Unit, Pretoria University, uthe ucwaningo lwango-2022 luveza ukuthi kwehle ngo-2.1% ukutholwa kwabantwana emhlabeni, eNingizimu afrika lehle ngo-2.3%.
“ Yize kubukela kuyisibalo esincane kodwa lokhu kusho ukuthi kuzogcina kunabantu abaningi abadala kunabasebancane abasesigabeni sokusebenza, okulimaza umnotho. Uma sibheka eNingizimu Afrika ngo-1966 abashadile bebevame ukuba nezingane eziyisithupha kuya phezulu manje abantu baba nezingane ezimbili kuphela,” kusho yena.
Uthe okuye okufaka ingcindezi ukuthi izibhedlela zikahulumeni ezinophiko olubhekelele inzalo zintathu kuleli. Kunzima ukuthi zibhekane nomthamo wabanenkinga.
