
Kuzobakhona ikhonsathi yomculo ezolandelwa yi-picnic ngakusasa kuphela kwiDrakensberg Extravaganza & Heritage Experience, eBergville kulo nyaka ngenxa yenkinga yemali.
Umhleli womcimbi uSipho Ndaba uthe ngeke udonse izinsuku ezingu-11 njengokujwayelekile.
Uxolisile kubagijimi wathi ngeke ibe hona iDrakensberg Marathon, Fishing and Jazz Experience nezingqungquthela zokwabelana ngolwazi.
“Sithathe isinqumo esinzima sokungayenzi eminye imicimbi ngoba abaxhasi abafuni ukutshala imali emicimbini yasemakhaya yemidlalo nezokuvakasha. Ngaphandle kwabo kunzzima ukugcina imicimbi emikhulu njengeDrakensberg Extravagnza,” usho kanje uSipho.
Uthe ngeke bayeke ukufaka izicelo zoxhaso wethembisa ukuthi umcimbi uzobuyela ezingeni lawo ngonyaka ozayo.
Uthe bazoba neDrakensberg Extravaganza Music Experience kuphela eWoodstock Dam ngoDecember 6 bese kuba ne-picnic yamahhala ngakusasa.
KwiMusic Experience kuzonandisa uMawhoo, Nkosazana Daughter, Nobuhle, Nkeshemba, Dladla Mshunqisi, Goldmax nabanye.
Amathikithi aseyatholakala eTicketpro naseSpar ngo-R150 iViP uR600.
