
Nhlakanipho Mnqayi
Bazobhema bakholwe abesifazane abazothamela umcimbi we-Phinifa On Fleek ozoba zingu-30 August nonyaka e-Durban ICC njengoba namuhla kwethulwe uhlu lwabaculi abazoba yingxenye yalomcimbi.
Lomcimbi okungowesikhombisa ubanjwa uqhakambisa ukubaluleka kwephinifa nanokuthi lingabukelwa phansi ngoba mukhulu umsebenzi eliwudlalayo.
Bazobe bengu-21 abaculi abazobe beyingxenye yalomcimbi okubalwa kubo oMthandeni SK (Igcokama Elisha), Mawhoo, Jumbo, Zamambo, Nontokozo Mkhize nabanye.
Kuzophine kube nombukiso wezemfashini okuzokhangiswa kuwo amaphinifa. Ngosuku lomcimbi, umsunguli wePhinifa On Fleek, uNksz Nokuthula Khasibe uphinde waveza ukuthi uzokwethula olwakhe uhla lwamaphinifa futhi kuzophinde kuklonyeliswe loyo oyobe egqoke iphinifa elihle. Kuvele nokuthi osomabhizinisi abancane bazokhombisa ngamabhizinisi abo.
Amathikithi awo lomcimbi aseqalile ukudayiswa eTicketPro. Aqala ku-R200, R350, R500, R800 (VIP), R1 500 (VVIP).
