
Kushone abagijimi abane abebeyingxenye yomjaho i-Ethekwini Best of the Best Mathon ebiseThekwini ngeSonto.
Lo mjaho ubuqala futhi uphelela eKings Park Stadium ugudle olwandle naseDurban North. Ubuhlukene ngamabanga kukhona oka-5km, 10km, 21km no-42km. U-42km bekungowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon neTwo Oceans Marathon.
Isitatimende sabagqugquzeli namhlanje ebusuku sithi abagijimi bashone engozini yemoto.
“Laba bagijimi abebesuka eGoli beyingxenye yomjaho wethu babe sengozini yemoto endleleni ebheke ekhaya,” kusho isitatimende.
Amagama abagijimi awavezwanga.
Badlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani nakubagijimi jikelele.
Bathwale kanzima abebekulo mjaho ngenxa yemvula enamandla eyenze kwaba nzima ukugijima kahle.
Ku-42km kwabesilisa kugcine kunqobe uSiyabonga Mafuleka ogijimela iSavages AC ngesikhathi esingu-2:24:51. Kwabesifazane kunqobe uRholex Kogo waseKeya ngo-2:38:50.
Bekuboshelwe nezinsephe okubalwa kuzo uBongumusa Mthembu, Adam Lipschitz obegijima u-10km, Jenna Challenor nabanye.
