Kudubuleke nemizi yabantu ngesikhathi abasolwa ngokuthi bebeyobamba inkunzi betholana phezulu ngenganono namaphoyisa kwasala enkundleni abahlanu eLindelani eNtuzuma...
Izindaba
Sebengu-9 abashone kuhlasela imvula enamandla eKZN kuleli sonto. UMnyango wakwaCogta esitatimendeni uveze ukuthi isibalo sabashonile senyuke emuva...
UNgqongqoshe wakwaCooperative Governance and Traditional Affairs (COGTA) KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi udlulise amazwi enduduzo emindenini yabayisikhombisa abashone...
Ugwetshwe udilikajele owadlwengula intombazane eyeyino-12 yakwamakhelwane ngo-2022. Inkantolo yesiFunda eScottburg igwebe indoda eno-38 ngokudlwengula lenntombazane ngo-12 November...
Kumiswe abasebenzi abawu-5 boMasipala waseThekwini okuthiwa babanjwe oqotsheni befaka itiyela ngeloli yomkhandlu emzini thizeni eVerulam. Kuthiwa laba...
INhloko yoKlebe eMpumalanga icela ukufuniswa uMnuz Prince Gift Mdluli osolwa ngokubulawa kwephoyisa lophiko oluphenya ngezimoto e-Ermelo uLt...
Bakhale ngezipoti, amaphoyisa afumbathiswayo kanye nabasuka kwezinye izindawo vezogila imikhuba ezindaweni zabo, abantu abakhele uMasipala iKing Cetshwayo...
Kwenzeke okungajwayelekile kuhlehliswa ukwethulwa kwesabelomali sango-2025, obekumele kwenziwe uMinister weZimali uMnuz Enoch Godongwane namuhla ngoLwesithathu. Lesi bekuyisabelo...
Kuboshwe ona-35 kutholwa inqwaba yezinhlamvu eZinkwazi ngaKwaDukuza ngoLwesibili. Amaphoyisa aseKZN athi agasele emzini thizeni eSydenham eThekwini ngencwadi...
UMasipala weTheku ubaqaphe ngelokhozi abasebenzi abasebenzisa izimoto zomkhandlu ukuthi bawetha kangaki udizili ngosuku nokuthi basebenzisa malini ukwetha...
Sesifinyelele kwabangu-168 isibalo sabahaqwe umkhuhlane ohambusana nezilonda eKNZ. EThekwini bangu-120 abahaqekile, eKing Cetshwayo bangu-23, oGwini bangu-20 kanti...
Umkhuzi wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola ukhiphe umyalelo kukhomishana waseGauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni ukuthi athungatha abophe amadoda...
Isilo uMisuzulu KaZwelithini sesimiselwe iduku uMntwana waseMpumalanga ofike endlunkulu ehamba nomndeni wakhe nabaqaphi. Lo mntwana ongadalulwanga kuthiwa...
Abasebenzi benkampani eqashelwe ukulungisa ama-ATM aqhunyisiwe bangananye babasolwa abawu-4 ababoshelwe ukutholwa nemali eno-inki. Amaphoyisa athintwe yibhange ngabantu...
Kuboshwe abane kwashaqwa izibhamu ezingu-5 kulandelwa umkhondo wababamba inkunzi imoto yemali eKuvukeni esiFundeni uMzinyathi. Abasolwa abaneminyaka ephakathi...
Isilo uMisuzulu kaZwelithini sisabela ukusocongwa saze sabhalela uMongameli Cyril Ramaphosa ukuthi angenelele ngoba kuncishiswe abaqaphi baso. Isilo...
UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntulu ugqugquzele obaba ukuba bakhombise uthando emakhaya ukuze izingane ziluphile. UNtuli usho lokhu...
Kube nomunyu kwagobhoza izinyembezi emndenini yowayeyiphoyisa likaMasipala weTheku uBianca Yolanda Khuzwayo owabulawa owayeyisoka lakhe emuva kokuthi iNkantolo...
Uvuma amacala owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku, uSizwe Clinton Ngema okwasabalala ivideo ezinkundleni zokuxhumana esebulele owayeyintombi yakhe uBianca Yolanda...
Osolwa ngokubulala abangani walahla izidumbu zabo eKenville eThekwini usemelwe uqweqwe lommeli njengoba sekusondele ukuqulwa lwecala lakhe. ULungani...
