
Nhlakanipho Mnqayi
Umfowabo kaNksz Anele Mbokazi owabulawa nomngani wakhe uNksz Zizipho Gabisa eKenville nyakenye, uMnuz Mvuselelo Magwaza, uthi abeneme ngezinye zezinto ezihlaluke eNkantolo eNkulu yaseThekwini namuhla ngoMsombuluko ngesikhathi kugwetshwa umbulali.
ULungani Mthethwa (39) obevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini namhlanje ngoMsombuluko ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngamacala amabili okubulala laba bangani.
ENkantolo bekukhona namalunga e-African National Congress Women’s League (ANCWL) esifundeni saseThekwini abezoseka imindeni futhi efuna nobulungiswa.

UMagwaza elandisa Ezangempela For Real, uthe abeneme ngendlela ezinye zezinto ezibekwe ngayo enkantolo.
“ULungani ulivumile icala kodwa ngesikhathi efaka isicelo sebheyili ngaphambilini waveza ukuthi akanaye unkosikazi, kodwa namhlanje usenaye. Waphinde waveza ukuthi ubeyiForex Trader, kodwa manje usenenkampani esiza abaculi abasafufusa emakhaya,” kusho uMagwaza.
Uthe okwenziwe uMthethwa kufana nobuqili.
“Akukho okusha akushilo futhi asikho nesijeziso ebesizosigculisa ngokwanele njengomndeni ngoba angeke kushintshe okwenzekile. Angikubonanga ngisho nokuzisola kuye ngesikhathi egixabezwa leminyaka,” usho kanje.
Uthe uzwe abanye bethi ngesikhathi enikwa isigwebo, ubekhala nasola ukuthi bekuyizinyembezi zengwenya, kwazise kuphinde kwavela nokuthi unezingane ezinhlanu okuyinto abebengayazi.
Uveze nokuthi bayamkhumbula udadewabo ngoba ubeyilunga lomndeni elikhethekile, futhi ukukhuluma ngaye kubuyisa izinhlungu. Ugcizelele ukuthi bayohlale bemkhumbula.
