
Nhlakanipho Mnqayi
Unyelwe inyoni esandleni ohlabane ngonyanyavu lwemoto entsha sha ayiwine emcimbini we-INK-Kasi Xperience obubanjelwe KwaMashu izolo.
Lo mcimbi waminyaka yonke ubugubha iminyaka engu-10 wasungulwa njengoba ububambisene nezokuVakasha kuMasipala weTheku.
Kuhloswe ngawo ukufukula ezokuvakasha zasemalokishini nokuthuthukisa umnotho kanye nokubeka eqhulwini amabhizinisi asekhaya njengoba uhlanganisa indawo yaseNanda, Ntuzuma naKwaMashu.
UMnuz Vumani Ndlovu okutonyulwe ithikithi lakhe wahlabana ngonyanyavu lwemoto ye-VW Polo Vivo akawuvali umlomo.
“Ngijabula kakhulu ngokuwina lemoto. Impela lokhu kuyiphupho elifezekile. Ngithanda ukudlulisa ukubonga kwi-INK-Kasi Xperience nakwezokuVakasha eThekwini ngalelithuba eliyingqayizivele,” kusho uNdlovu.
Uthe lomncintiswano othakaselwa kakhulu ulethe ukubumbana emphakathini futhi uzizwa ekhethekile ngokuwina.
“Ngifuna ukuhalalisela abalale isibili ngomsebenzi wabo. Ngikulangazelele ukuzijabulisa ngemoto yami entsha kanye nazo zonke izinto eza nazo,” usho kanje.
Isikhulu esiphezulu se-INK-Kasi Xperience, uMnuz Philani ‘Splash’ Ngwenya, udlulise amazwi okubonga kubantu base baseThekwini nabo bonke abaseka i-INK-Kasi Xperience.
“Ukusiseka kwenu kutshengisa isibophezelo sethu sokuhlonipha siphinde sibungaze amasiko namakhono asekhaya. Siyabonga kakhulu ukuthi lomcimbi unikeza ithuba lokukhangisa iTheku njengendawo yabantu abathanda umculo abaqhamuka ezifundeni ezahlukene,” kusho uNgwenya.
USihlalo wezokuThuthukiswa koMnotho neKomiti lezokuHlela, uMnuz Thembo Ntuli, uthe bayaziqhenya ngesibophezelo Sabo sokuqinisekisa ukuthi ezokuvakasha ziba yinsika ye-INK-Kasi Xperience kuleminyaka engu-10 edlule.
“Umbono wethu wokugcina ezokuvakasha ziseqhulwini uyahambisana namaphupho awo lomcimbi futhi siyajabula ngokunye okuseza,” usho kanje.
