
Bongane Motaung
Bebebulala inyoka abathandi bengoma emncintiswaneni weNgoma yaseNkanini ehloniphe inyanga yabesifazane eNquthu esigodini saseSilonjane ngaphansi kweNkosi uMolefe.
Ingama yalo nyaka ibikade imbaxantathu, ukugubha inyanga yabesifazane, ukubungazwa kwehhashi nomgibeli owanqoba umjaho wabesifazane kuDundee July kanye nokuhlonipha labo abenza okuhle emiphakathini yabo.
UZwelibanzi Sibiya waseNkanini ongumhleli weNgoma eneminyaka emithathu yasungulwa, kulo nyaka ubeke izinkomo ezimbili esitekini somqhudelwano wengoma yabesifazane.
Iqembu laseNondweni elidume nge-Condom likhale lemuka nalo mklomelo lincindela amaqembu angaphezu kweshumi akade eyingxenye yalo mncinyiswano.
Phambilini la maqembu kade encindelwa ingoma yekwaMkhize esigodini sasoHaleni iminyaka emithathu ilandelana bewina inkomo. Kodwa kulonya umhleli walo mcimbi ubahloniphe ngenkomo yabo eseceleni ukuze badedele ozakwabo bezwane amandla ngokuba kuyacaca abakwazanga ukuzehlula izikwepha zeNgoma kaZwelonke yasoHaleni.
Kubonakale osaziwayo abaphuma eGoli naseThekwini ababe yinxenye yokuhlonipha labo abenze kahle emiphakathini yabo.
USimphiwe Majozi woZalo, uSandile Dlamini, Phindile Kunene kanye noThami Africa naye ongumlingisi, bemukelwe ngemfudumalo abalandeli babo abakujabulele kakhulu ukubabona ngamehlo, bencokola beshutha nezithombe.
UMzwandile Ndimande eveza umuzwa wakhe uthe sekuyiminyaka baqala ukutabalasa emjahweni wabesifazane kodwa kulo nyaka uMangcobo uyiqhakambisile iNquthu.
“Siyathokoza ukwesekwa okungaka futhi sigqugquzela nabanye abantu ukuba ngathi bangabeseka abantu besifazane,” kusho uNdimande.
USibiya uthe igalelo labesifazane emphakathini liyinto engelinganiswe nalutho, futhi kubalulekile ukukhombisa ukubathakasela abasiza umphakathi nabenza izinto eziyisibonelo esihle kuwona.
Lengoma isizale enye ingoma futhi yokuhlonipha amasiko esintu ezoba sedolobheni laseNquthu ngo mhla ka 28 September.
