
Nhlakanipho Mnqayi
Bamfuna ephumile emsakazweni nakumabukakude uMinnie Ntuli ngenxa yendlela aziphathe ngayo ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD) muva nje.
Kwesinye seziqephu zalolu hlelo ubonakale etshengisa ububhoklolo ngesikhathi edusha uLondie London kabili ebusweni.
Lesi senzo salo msakazi ophinde abe ngumlingisi sisuse ukukhuluma okuningi ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu bethi akakhishwe emsakazweni nakumabukakude ngokwenza isicelo (petition) lapho wonke umuntu ovumelana nalokho ayisayine
Zilokhu zikhule njalo izibalo zabantu abasisayinayo isicelo sokuthi akhishwe njengoba bebalelwa ku-10 509.
Kwale noma isiteshi somsakazo asebenza kuso iGagasi FM selikhiphe isitatimende sithi: “Sithuke njengawo wonke umuntu futhi siphoxekile ngesenzo somsakazi wethu. Yize ekwenze ohlelweni lwe-tv oluzimele kodwa kunomthelela nasegameni lalo nasemphakathini,” kusho iGagasi.
Abantu bakushaye indiva konke lokho njengoba bebhale ekhasini lawo lomsakazo uFacebook beveza imizwa yabo.
UKumkanikazi MaJobe Gubazi uthe: Niyasbhedela bandla, nilahlekelwe umlaleli lapha kimi.
UZandile Mchunu yena uthe: Yingakho ngilalelela uMetro nje.
UKhanyi Zamantungwa yena uthe: Bengithi ngizobona ngegama elithi usexoshiwe kanti u-Ayanda MaNcwame yena uthe: uxolisa ngoba umsebenzi wakhe esengcupheni, ngiyamsaba uMinnie.
