
Udadewabo kaShauwn MaMkhize uNosipho Ngubo uthi uMaMkhize wakokotela i-signature yakhe ethenga iqembu lebhola iRoyal AM wavula nenye inkampani egameni lakhe engazi.
UNosipho ubhale lokhu emaphepheni asenkantolo enkulu yaseThekwini ephikisa isicelo sakwaSars sokuyidla unomphelo impahla yakhe.
IRoyal AM yayibhalwe ngaye uNosipho nenkampani iLungza Management Consultants.
Uthe wayengalawuli lutho. ISars ifuna u-R12 million kuye futhi isithathe impahla yakhe yabamba nama-akhawunti asebhange nawomyeni wakhe uMvusi Ngubo.
ICity Press embikweni wayo ngalolu daba uthe uNosipho uthi uMaMkhize wasebenzisa imininingwane yakhe ukuvula izinkampani ngoba efihlela umyeni wakhe uSbu Mpisane ofuna uhhafu wamafa.
ISars yadla nezimpahla zikaMaMkhize izimoto zikanokusho neRoyal AM ifuna uR40 million ethi uyawukweleta.
Izinto ezidliwe zikaNosipho yimihloniso yasendlini, ifenisha, ofishi, izinkomo ezingu-30, izikabhu ezingu-25 nezimbuzi ezingu-10.
Imoto yakhe iRange Rover isanda kudayiswa ngoR4 000 esidlangalaleni.
