
Nhlakanipho Mnqayi
Bazohlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili oskhwili phambana nobhoko emcimbini wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ozobe useGreyville Racecourse zingu-5 July nonyaka.
Lokhu kuvezwe amaphoyisa nathe lizobe lingafakwa, libuya nesaphula mthetho emcimbini ozoletha izinkulungwane zabantu eziqhamuka ezifundeni ezahlukene, zisina zidedelana ngengqephu kanokusho.
Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa sithe lokhu bakwenza ngoba emcimbini wangaphambilini kwenziwa uhlelo olufanayo olwaba yimpumelelo.
“Amaphoyisa nezinye izinhlaka zezomthetho zizobe ziwuqaphile umcimbi ukuqinisekisa ukuthi kunozinzo nokuthula. Ababukeli, nezithameli ezithanda amahhashi kumele baziphathe kahle futhi bethokozele umcimbi. Bonke abantu abazobe beze kwi-Durban July kumele bavikele izinto zabo ngesikhathi bezijabulisa,” kusho isitatimende.
Sithe labo abazobe bedla amponjwana, kumele balethwe bephinde belandwe noma basebenzise ezokuthutha zomphakathi.
“Abazotholwa bedla amankwebevu bephinde beshayele bazolala bebaliwe. Ngesikhathi besazijabulisa, kumele baqaphele izigebengu ezizobe zicuthile okuyingakho kubalulekile ukuthi abantu bengashiyi izinto zabo ezibalulekile zinganakiwe.”
“Abantu abazobe beza kulomcimbi bazohlowa ukuthi abaziphethe yini izinto ezingavumelekile. Izikhali ezifana nemimmese, izibhamu, amabhodlela kanye notshwala kuzobe kungavumelekile. Izindawo zokupaka nazo zizobe zincane ngakho ke abantu bayanxuswa ukuthi basebenzise izithuthi zomphakathi futhi bafike ngesikhathi ukuze bengabambezeleleki,” sisho kanje.
Sithe miningi imigwaqo ezobe ivaliwe eThekwini namaphethelo kusukela kusasa kuze kube kuphela umcimbi ngoMgqibelo. Imigwaqo ezothinteka kubalwa uDLI Avenue, Avondale noGladys Mazibuko, uMitchell Cresent, 5th and 6th Avenue noClarence Road.
Abantu banxuswe ukuba basebenzise eminye imizila ngenxa yokuthi indawo yonke yaseGreyville Racecourse izobe imatasa kulempelasonto.
Khonamanjalo: Emcimbini obuseWestown Square izolo, iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba wethule umhlahlandlela womcimbi iHollywoodbets Durban July nathe lomcimbi uzoba nomthelela omkhulu kwezomnotho eThekwini ngenxa yemicimbi eminingi ezobe iqhubeka.
“Ibalelwa ku-R278 million imali ezosetshenziswa ezongenisa u-R700 billion emkhiqizweni weTheku futhi wakhe imisebenzi engu-4 000. Ngaphandle komjaho wamahhashi, abasiki bengqephu abangu-25 abasafufusa nalabo asebemnkantshubomvu bazokhombisa ngekhono labo okuyingxenye yeDurban July Fashion Experience ngokubambisana noMasipala weTheku neHollywoodbets Foundation,” usho kanje.
