
Nhlakanipho Mnqayi
UMjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July kubhekwe ukuthi ifake izigidi zemali edolobheni iTheku kulenyanga ezothwasa.
Lomjaho ozoba ngo-5 July nonyaka eGreyville Racecourse, kulindeleke ukuthi ulethe abantu abangu-45 000 nokuzongenisa imali engu-R690 million.
Lomjaho okungenye yemijaho emikhulu edolobheni iTheku futhi eletha nabantu abaqhamuka kwezinye izifundazwe, ingqikithi yawo yakulonyaka ithi: Marvels of Mzansi, ebungaza amagugu, amasiko kanye nezintaba zaseNingizimu Africa.
Ngaphandle kokuthuthelana kwabantu abazobhe besike izinhlobonhlobo zengqephu kanokusho. Kulindeleke ukuthi kwakheke amathuba emisebenzi angu-4 403.
IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, ugqugquzele wonke umuntu ukuthi abungaze lesi sivunguvungu seTheku njengoba idolobha lizobe libungaza ubumnandi obuseqopheleni eliphezulu.
“Abantu abeze bezothamela ubumnandi bemijaho, imfashini econsa phansi kanye nobumnandi obenza iDurban July kube wumcimbi wonke umuntu afuna ukuya kuwo. Noma ngabe uyiphanta, uthanda umjaho wamahhashi noma ufuna ukuzozingcebelekela, woza uzoba yingxenye yalomcimbi oyingqophamlando futhi iTheku yindawo lapho wonke umuntu okumele abe kuyo kulenyanga ka-July,” kusho uXaba.
Umcimbi weHollywoodbets Durban July wanyakenye, kwabuthana abantu abangaphezu kuka-R50 000 njengoba ngempelasonto yawo kuzobe kunemicimbi eyenzekayo okubalwa kuyo iFact Durban Rocks, Anywhere in Your City, Any Given Sunday, Mojo’s July Weekend ne-All White Maxi’s Lifestyle namanye.
