
Nhlakanipho Mnqayi
Bakhiphe unyawo abasiki bengqephu baKwaZulu-Natal abebemenywe kuKhayelitsha Fashion Week eCape Town muva nje.
Lomcimbi obungaza amakhono abasiki bengqephu, abathwebuli kanye nonobuhle abasafufusa ububungaza iminyaka engu-10 wasungulwa njengoba ubuthanyelwe nayiMeya yaseCape Town, uMnuz Geordin Lewis.
Abasiki bengqephu baKwaZulu-Natal ababili okungo Mnuz Sanele Mkhize (23) noNksz Nandi Mkhize (48) abebemenyiwe kulomcimbi, bathe kube yingqayizivele ukuba yingxenye yawo futhi banethemba lokukhula kulo mkhakha.
“Ukumenywa emcimbini ofana nalo kuyatshengisa ukuthi ukusebenza kanzima kunomvuzo futhi uhambo oluya eCape Town, lungenye yemizekelo ekhethekile. Ngifisa ukukhula kuwo lomkhakha, ngibone umsebenzi wami usumataniswa neminye yabantu abakhulu.” kusho uMnuz Mkhize wengqephu iZero Tolerance Luxury Streetwear.
Uthe indlela abantu abathakasele ngayo ingqephu yakhe ibe yinhle.
“Kusukela kwizibukeli ebezithamele, onobuhle abebemodela, kungithokizisile kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngami,” usho kanje.
UNksz Nandi Mkhize we-SNandis Collections, yena uthe ukumenywa kulomcimbi kuyamthokozisa ngoba ukwazile ukutshengisa ngomsebenzi wakhe ngaphandle kwesifundazwe saseKZN.
“Ingqephu yami isiyaziwa manje eCape Town futhi ngiyathemba ukuthi kuzovuleka iminyango eminingi, abantu bathungise. Ukuba ngaphandle kwaseKZN, ngihlangane nabanye abasiki bengqephu ngifunde ukuthi bazenza kanjani izinto kulomkhakha okuyinto engiyithakasele kakhulu,” usho kanje.
Bobabili babonge uMnuz Clive Hadebe ongumsunguli we-Gio Modelz okunguye ohlanganise loluhambo lwaseCape Town, nangokuthembela kubona. Baphinde babonga umqondisi weKhayelisha Fashion Week ngokubavumela ukuthi babe yingxenye yalomcimbi.
