
Baholwa phambili uZonke Dikana abazonandisa kwi-Ugu Jazz Festival ebuya oGu Sports & Leisure Centre, eSport Shepstone ngoJune 28.
Umcimbi ubuya emuva kweminyaka emihlanu wagcina.
Umhleli wawo uSiyabonga Msomi weCoolsounds Trading uthe uyathemba ukuthi abantu bajabula ngendlela abajabule ngayo ekwethuleni kabusha Ugu Jazz Festival.
“Ngifuna ukugcizelela ukuthi siwethula kabusha nezinhlelo zokuwenza ube mkhulu ngonyaka ozayo. Zonke izinhlelo zizovela ngoJune 28,” kusho uMsomi.
UZonke uzoshiyelana inkundla noMondli Ngcobo, Ami Faku, DJ Bruce no-Olefied Khetha.
Amathikithi aseyatholakala eTickepro ngo-R150 iGeneral bese iVIP iba uR600.
Umsomi uthe kuqala ngo-5 ntambama kuze kube u-3 ekuseni.
Ngayizolo ngoJune 27 kuzobe kune-Off Ramp Worship Experience khona oGu Sports & Leisure Centre kunandisa uXolly Mncwango, Hlengiwe Mhlaba, Malusi Mbokazi, Sgwili, Pastor Shongwe nabanye.
Amathikithi aseTicketpro ngoR100.
