
Nhlakanipho Mnqayi
Umculi wakuleli uSiphokazi Maphumulo ubheke ukuyokhipha amangwevu ngephimbo lakhe elimtoti njengoba ezoba yingxenye ye-14th International Cultural Festival of Symphonic Music ezobe ise-Algeria.
Lentokazi eyaziwa ngo-Nonzwakazi okuyigama layo lase steji idabuka eSikhawini, KwaZulu-Natal. Izobe ingahambi yodwa njengoba izobe iphelezelwa yikwaya i-Mzansi National Philharmonic Orchestra. Amanye amanoni ezobe inandisa ngawo kubalwa i-Hendrik Hofmeyr’s Of Darkness and the Heart, nelinye lamanoni abhalwa nguSolwazi Mzilikazi Khumalo osihloko sithi Princess Magogo namanye.
Lomcimbi uzoba ngo-17 April nonyaka eBoualem Bessaih Opera House of Algiers. Kuzobe kukhona amanye amazwe acula umculo wakudala okubalwa kuwo iMexico, Denmark, South Africa, South Korea, Japan, Angola, Germany, Czech Republic, Poland, Russia, Italy ne-Austria.
Elandisa Ezangempela For Real, uthe ukuthola leli thuba kube yingqayizivele kuye.
“Kusho lukhulu kimina ngoba ngiyakuqonda ukuthi njengoba ngiyocula lapho ezobe kuhlanganyele amazwe amaningi angiyi mina ngiwu-Nonzwakazi noma ngiyomela uNonzwakazi kuphela kodwa ngiyoba yisibuko, ngiyokhombisa amazwe ukuthi thina eNingizimu Africa senzenjani uma kuziwa emculweni wakudala,” kusho uNksz Maphumulo.
Uthe uyobazwisa imisebenzi yomculo wakudala ebhalwe abantu baseNingizimu Africa ukuthi izwakala kanjani.
“Yithuba leli elikhulu kakhulu kimi futhi nenjabulo ikhona kodwa okukhulu kunenjabulo, intobeko. Ngiyathobeka kakhulu ukuthi ngesikhathi i-orchestra ye-Mzansi National Philharmonic mayicabanga ukuthi ubani esingahamba naye ongagculisa lomculo ozokwenziwa, njengoba kuyokwenziwa umculo wakudala nowe-Jazz yabona kungifanele ukuthi ihambe nami okutshengisa ukuthi wonke umsebenzi umuntu awenzayo uyabonakala.”
“Ngizoqhubeka ngisebenze ngokukhulu ukuzimisela ngoba bakhona abantu ababukayo, abathi lento engiyenza la ekhaya kumele ngiphume ngiyoyenza ngaphandle ukuze bezobona ukuthi imnandi kangakanani. Leli thuba ngilibambe ngezandla zombili ngoba ngifuna ukubashiya bengawuvali umlomo, ngibe yisibuko esipholishwe kahle okuzobanika isithombe sokuthi kufanele basebenzisane namaciko aseNingizimu Afrika,” usho kanje.
Uthe uyakubona ukubaluleka kwalomcimbi futhi into emnandi njengamaciko ukuthi bayakwazi ukusebenzisana nanokuthi awukwazi ukuhlukanisa phakathi kwesiko nobuciko. Uthe uma amazwe ahlukene eza nobuciko basemazweni abo, bafunda lukhulu ngosikompilo lwaleyo ndawo umuntu adabuka kuyo.
