
Nhlakanipho Mnqayi
Isingathwe ngempumelelo imidlalo ye-2026 KZN Netball Super League Grand Finale ebibanjelwe e-UKZN Westville Sports Centre ngoMgqibelo.
UMengameli weKZN Netball, uGugu Ngema, uthe eminye yemiphumela bebengayilindele.
UNgema usho kanje kulandela ukuthi ICheetah’s Sports Academy ivikele isicoco sayo emdlalweni wamanqamu ohlwini lwabesifazane ngesikhathi iguqisa iHammerdale Sunbeams ngo 44-38. Ohlwini lwabesilisa i-Oceans Predators iguqise iCheetah’s Sports Academy ngo 54-31 yakhala yemuka nesicoco.
“Ukubona imiphumela enjena ku-Grand Finale kutshengisa ukuthi izinga lokukhula le-netball KwaZulu-Natal liphezulu nokusho ukuthi namaqembu nawo afika ezilungiselele,” kusho uNgema.
Lamaqembu adlale inetball eqhwiza umentshisi okushiye izethameli zingawivali umlomo. Le midlalo ibihanjelwe UNgqongqoshe wezeMidlalo amaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, uMengameli weNetball South Africa, uMame Diale nabanye okutshengisa isasasa nokubaluleka kokukhulisa nokwesekeka inetball KwaZulu-Natal.
Kuphinde kwaba nemidlalo ecacisa ukuthi obani abakhushuliwe esigabeni esiphezulu. Amanzimtoti Netball Club ikhuphukele ku-Section ngemuva kokuguqisa iPinetown Eagles, esizodlala ku-Section B ngesizini ezayo.
I-The Ones nayo ikhuphukele ku-Section B emva kokuhlula iHappy Club.
Abadlali abavelele:
Best Attacker-Thabitha Mthembu (Cheetahs SA)
Best Attacker (Males)- Wandile (Cheetahs SA)
Best Midcourt (Females)- Xolile Shange(Hammarsdale Sunbeams)
Best Midcourt (Males)- Qiniso Gwala(Ocean Predators)
Best Defence (Females) – Ayanda Jiyane (Ziphozonke Netball Club)
Best Defence (Males) – Vukile Zulu (Ocean Predators)
Most Valuable Player (Females) – Nosihle Mkhwanazi (Cheetahs SA)
Most Valuable Players Males- Sihlesenkosi Nxumalo (Ocean Predators)
