
Unqatsheliwe ibheyili amacala akhe ahlehlisekwa umhlaka 24 November uShadrack Sibiya osanda kusula esikhundleni sokuba i deputy national commissioner yamaphoyisa.
USibiya waboshwa ngomhlaka 21 September e strip club eSandton. Wabekwa amacala okufundisa ingane ena-16 ngocansi, ukudlwengula ona-18 nokushushumbisa abantu.
Efaka isicelo sokukhishwa wathi walala nentombazane bevumelene.
Imantshi ithe uma ekhishwa uzophazamisa ubufakazi futhi wasabisa nobaba wentombazane ena-16.
Uthe imithi ayidlayo uzoyithola ejele wase ethi akabuyisele ezikhindini.
