
Nhlakanipho Mnqayi
IMenenja kaMasipala waseTheku uMnuz, Musa Mbhele, ube nesithangami nabezindaba namuhla ukuzocacisa ngezinyathelo ezithathwe uMasipala ukubhekana nezinsolo zokuqashwa okungahambisani nemithetho emnyangweni wamaphoyisa kaMasipala.
Kulesi sithangami, uMnuz Mbhele uqinisekise ukuthi kukhona imibiko emibili eyenziwe uMnyango kaMasipala Obhekele Ubuqotho Nophenyo (Integrity and Investigations Directorate), olwaphenya ngezinsolo zokungahambi kahle kwenqubo yokuqashwa kwamaphoyisa kaMasipala (Metro Police).
Okuhlalukile kuso isithangami ukuthi umbiko we-Nexus, owapothulwa ngo-2020, waphenya izigaba ezimbili zokuqasha ezenziwa ngonyaka wezimali ka-2017/18 kanye no-2018/19. Lo mbiko waveza ukuthi ukuqashwa kwamaphoyisa amane kwakungenziwanga ngendlela efanele. Ngemuva kwezinqubo zomthetho ezalandelwa uMasipala, udaba lwaxazululwa futhi ukuqashwa kwalawa maphoyisa kwagcinwa. Umbiko wesibili, we-Isiqu Report, waphenya izinsolo zokungahambi kahle kwenqubo yokuqashwa kwamaphoyisa ngonyaka wezimali ka-2023/24. Lo mbiko uncome ukuthi kuthathwe izinyathelo zokuqondisa izigwegwe ezisebenzinini ezine: Isikhulu Esigunyaziwe (Authorised Officer), izikhulu ezimbili zoMnyango Wezabasebenzi (Human Capital) kanye nesisebenzi soMnyango Wokweseka Amabhizinisi (Business Support).
Lo mbiko uphinde waveza ukuthi kukhona imali engu-R420 000 okusolwa ukuthi yakhokhelwa abantu abangafanele, njengoba amalungu omphakathi kuthiwa akhohliswa ngomunye wabasebenzi abamiswe emsebenzini ngesithembiso semisebenzi engazange yenzeke futhi sekuvulwe icala lobugebengu emaphoyiseni.
Ekhuluma esithangamini, uMbhele uqinisekise izakhamuzi ngokuzibophezela kukaMasipala ekusebenzeni ngokusobala nangokwethembeka ezinqubweni zokuqasha.
“Uma kukhona okubukeka njengenkohlakalo futhi kuzwakala njengenkohlakalo, sisebenzisa zonke izinhlaka zomthetho ukubhekana nakho,” kusho Mbhele.
UKhomishana wamaphoyisa kaMasipala, uKhomishana Sbonelo Mchunu, unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqaphele abakhohlisi abazenza izikhulu futhi bacele izinkohlakalo (izifumbathiso) ngokuthembisa amanga ukuthi bazowatholela imisebenzi emaphoyiseni kaMasipala. Uphinde wabalula amacala amaningi lapho amalungu omphakathi akhokhela khona izinkohlakalo kubakhohlisi ababethembisa imisebenzi engekho.
Umphakathi uphinde waxwayiswa ngabasebenzisa izinkundla zokuxhumana ababhebhethekisa ulwazi olungelona iqiniso oluhloselwe ukulimaza isithunzi soMkhandlu ngokusebenzisa izinsolo ezingenasisekelo zokuthi kukhokhwe izigidi zamarandi ukuze kutholakale imisebenzi.
UMkhandlu uqinisekise ukuthi azikho izinsolo ezinjalo ezikhonjiswe kunoma yimiphi yale mibiko, futhi uphinde wagcizelela ukuthi lapho kutholakale khona ukungaziphathi kahle, uthathe izinyathelo ngaphandle kokwesaba noma ukukhetha uhlangothi. Izakhamuzi ziphinde zalunywa indlebe ngokuthi imisebenzi yoMkhandlu ayithengiswa, futhi zibike noma iyiphi inkohlakalo eMnyangweni Obhekele Ubuqotho Nophenyo (Integrity and Investigations Directorate).
