
Nhlakanipho Mnqayi
IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba ehambisana noSomlomo kaMasipala uKhansela Thabani Nyawose bavakashele umndeni kamufi oshone ngesihluku egandaywa yiloli likamasipala elithwala amanzi e-Adams Mission, eNingizimu yeTheku, izolo.
I-video yalesi sigameko egcwele ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala kuyo umufi, uMnuz Celani Zungu, eshayiswa yiloli ligibela phezu kwakhe maqedane lashaya lachitha, yena washonela endaweni yesigameko.
“Siphatheke kabi uma sizwa ngalesi sigameko esinyantisa igazi. Sinxusa ukuthula futhi siqgugquzela umphakathi ukuthi uvumele amaphoyisa enze uphenyo lwawo olunzulu,” kusho uXaba.
Uthe indawo yase-Adams Missions ingezinye zezindawo esemphakathini osemakhaya eThekwini futhi uthembele kuzo izimoto ezithwala amanzi ngenxa yokuthi amanzi ayinyama.
Uphinde waveza ukuthi ukuze bathuthukise ukuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni eziseNingizimu, umasipala wakha izingqalasizinda eziningi okufaka kuzo iSouthern Aqueduct elungiswayo ecela enanini lika-R1.2 billion okukindeleke ukuthi iphothulwe ngo-December nonyaka.
