
Nhlakanipho Mnqayi
Inhlangano elwela amalungelo abantu i-AfriForum kanye neMarch and March sebevumelene ngokusebenzisana ekuthuthukiseni imiphakathi ezingeni eliphansi.
Esithangamini ebesihanjelwe ithimba leMarch and March ebeliholwa umholi, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, lihlangane nesikhulu se-AfriForum, uMnuz Kallie Kriel naye obephahlwe yithimba lakhe.
Kulesi sithangami lezi zinhlangano ezibe naso izolo zidalule izingqinamba, ukuthatheka, izisombululo, kanye nokusebenzisana.
Okuhlalukile ukuthi ukubambisana kuzogxila ekuphepheni kwemiphakathi, ezemfundo, ekuthuthukiseni amakhono, ekulondolozeni amasiko, ekulweni nobugebengu nokungena kwabantu eNingizimu Africa ngokungemthetho kanye nokuqinisekisa ukuthi uhulumeni unesibopho sokuziphendulela.
Lezi zinhlangano ziphinde zathi zizosebenzisana ezindaweni ezinentshisekelo efanayo, zihloniphe ukwehluka kwazo, futhi zigcizelele ukuthi konke lokhu kuzokwenziwa ngokuthula nangokulandela umthetho.
Khonamanjalo, umholi we March and March u Jacinta Ngobese-Zuma, uthe lokhu kusebenzisana kuzogxila ezintweni abavumelene ngazo, futhi bayazi ukuthi kunezinto abaphikisanayo kuzona.
Kolunye uhlangothi, uMnuz Kallie Kriel we-AfriForum yena uthe ukungavumelani kwezinye izinto akumele kuvimbe izinto ezingathuthukisa izingane zase Ningizimu Africa.
